Overview
Le ndatshana ikhuluma ngoCharlize Theron, umdlali wefilimu odumile eNingizimu Afrika, osungule iCharlize Theron Africa Outreach Project. Ngokubambisana ne-Oprah’s Angel Network, usungule i-Mobile Health and Computer Unit eNhliziyo High School eMkhanyakude District, enikeza abafundi abangu-3,000 usizo lwezempilo, ukuhlolelwa i-HIV, kanye nezifundo ze-computer. UCharlize ugcizelela isifiso sakhe sokusekela abantu abasha nokuthuthukisa inhlalakahle yomphakathi.
Article
NGISHO ingaya phesheya kwezilwandle intokazi chamba phambili kuma-movie, uCharlize Theron, kodwa ayikakho- hlwa yilapho iphuma khona. Le-award-winning Actress ifeze amaphupho ezingane eziningi ezifunda kulezo zikole ezintulayo ngokusungula iCharlize Theron Africa Outreach Project.
Ngokubambisana ne-Oprah’s Angel Network bavule iMobile Health and Computer Unit eseNhliziyo High School ngaphansi koMkhanyakude District. Le unit yakhelwe ukwenza ngcono ezempilo kanye nokuthuthukiswa komphakathi.
Zibalelwa ku-3000 izingane ezizohlomula ngalama-mobile unit abizwa ngomahamba nendlwane. Le unit izosiza aba- fundi nge-counselling, ukuhlolelwa igciwane lengculazi kanye nokunikezela ngezifundo zama-computer. UCharlize uthi kwakuvele kuyisifiso sakhe ukuthi asize umphakathi ikakhulukazi abantu abasha.
“Ngiyazighenya ngokubambisana nabantu abanjengo Oprah ne-Angel Network yakhe ukuze kuphumelele iproject enjenga lena. Inhloso yethu enkulu wukuhlanganisa umphakathi ukuze uthuthuke, uphephe uphinde ube nempilo engcono lapha eSouth Africa”, kubeka uCharlize osungule iCharlize Theron Africa Outreach ngokubambisana ne-Entertainment Industry Foundation ngo-2006. Le ntokazi engu Charlize edabuka eBenoni eGoli, ike yadlala indawo ye-serial killer efilimini i-Monster okuyimovie abedlala phambili kuyo kanti maningi namanye ama-movie adlale kuwo.
Uhlala nomama wakhe eLos Angeles kanti uthi umama wakhe uyikho konke kuye njengoba naye engakabi nomntwana. Izinsizwa zingakuthokozela ukuzwa ukuthi le ntokazi ayikakathathwa nakuba inaso isi- ngandamathe sayo seminyaka, uStuart Townsend, naye oyi- actor. Lo kaTheron uyazifela ngezilwane.