Overview
NgoSuku Lomhlaba Lokulwa ne-AIDS, othisha abasemakhaya eMtubatuba bahlangana emcimbini wokufundisa ngocwaningo lwe-HIV, ohlelwe u-Oprah Winfrey no-Charlize Theron, kanye neMpilonhle. Uhlelo lwaluhloselwe ukufundisa othisha ngezinkinga ze-HIV futhi kuhlinzeka ngokuqeqeshwa kwamakhompyutha. U-Michael Bennish we-Mpilonhle ugcizelele isidingo sezinsiza eziningi kothisha. Abafundi bavela ukuthi abavumelani nokusebenzisa amakhondomu, futhi amantombazane aveza ukukhathazeka ngokuphikiswa kwabo.
Article
LANGANO yezempilo no- Iwamakhompyutha exhaswe bani ezaziwayo emhlabeni -Oprah Winfrey no-Charlize ongumdlali wamafilimu a kodwa odabuka kuleli nhle, inqume ukugubha usuilwa nesifo sengculazi emh- (World Aids Day) ngokuthi e othisha basemakhaya ngengculazi.
cimbi wenzelwe eMtubatuba ibelo lapho othisha benikhona nethuba lokuzihlolela gokwabo. qugquzeli walo mcimbi kuxhumana kwaMpilonhle andi Zulu, uthe bathathe lea ukuba bahlangane nothingoba izikole zivaliwe, ukuingide izinselelo ezithinta di ezikoleni ngesifo sengcusha abaningi bayamaka yiisibalo sabo sisincane nae. Kodwa lokhu kusinika ithuba elanele lokuba sibafundise kabanzi ngalesi sifo siphinde sibenzise izifundo zekhompyutha,” kubeka uNkz Zulu.
Ughube wathi bafuna ukunikezela kabanzi ngezempilo kanye nokuthuthukiswa komphakathi ngaphansi kukaMasipala waseMkha nyakude.
Umphathi wale nhlangano uMnu Michael Bennish uthe: “Kuvamisile ukuthi kugxekwe othisha ngezinkinga eziba sezikoleni. Kuyakhohlakala ukuthi azikho izinsizakufunda ezanele ukubhekana nesimo sabantwana. Thina njengenhlangano sithokozela ukusiza uMnyango wezeMfundo ngokufaka isandla lapho kudingeka khona. Laba bantu bathathe isikhathi sabo njengoba kuwuMgqibelo beza lapha ukuzothola ulwazi oluzosiza abantwana, kodwa konke lokhu kubuye kukhohlakale”.
Okugqamile okuvele kothisha abebehambele lo meimbi, wukuthi abafundi abaningi abangena esigabeni sokugoma, abazwani nokusebenzisa amakhondomu ngoba bethi yindlela yabo abatshengisa ngayo izithandwa zabo ukuthi bathembekile kuzona. Kuphinde kwavela nokuthi abantu abangathandisisi ukusebenzisa amakhondomu kuyaye kube ngabafana njengoba bekwazi ngisho nokuyiqhumisa ngaphambi kokuthi kuyiwe ocansini.
Baphinde bayihlaba bayihlikiza indaba yokuthi amantombazane akhale ngokuthi abafana abafuni ukusebenzisa amakhondomu njengoba bethe lokhu akusho lutho njengoba sekukhona amakhondomu abesifazane.
UMnu Sabelo Khumalo ongelinye lamakhansela akwaMpilonhle, uthe kunzima ukukhuluma ngezinto eziphathelene nesifo sengculazi ezinganeni kodwa ukuqala ngokwamukela labo bantu asebevele benalesi sifo kungenza izinto zibe lula.
“Kunzima khona ukukhuluma ngalezi zinto ezinganeni eziningi kodwa uma singakwazi ukugala ngokwamukela labo asebevele begula yilesi sifo, kungangcono ngoba abantu bangayeka ukufihla babone ukuthi akulona ihlazo uma uphethwe yingculazi futhi akusho ukuthi usuke ungaziphethe kahle. Kuhle ukusheshe uzihlole ukuthi unaso yini kunokulinda ukuthi uze ugule. Uma uzibhekele wena usuke ulindele noma yini kanti uma usugula isikhathi esiningi uhluleka ngisho ukudla imishanguzo “yakhona”, kubeka uMnu Khumalo.