Overview
Ezikoleni eMtubatuba, enyakatho yeKZN, ukuthuthukiswa kwezemidlalo kube nomthelela ekwehliseni izinga lokukhulelwa kwabafundi. Lokhu kubonwa kulesi sikhathi, lapho kuphela abafundi abangu-10,000 kuya ku-15,000 abakhulelwayo, okuthuthukisa isimo somphakathi ohlushwa ububha. Izinhlangano ezahlukene, kuhlanganise no-Oprah Winfrey no-Charlize Theron, zinikeze uxhaso lwezimali ezikole, kufaka phakathi ukwakhiwa kwezinkundla zemidlalo. Ukuthuthukiswa kwezemidlalo, kanye nemikhankaso yokuhlola igciwane, kwaholela ekuzibophezeleni okukhulu kwabafundi ekuhloleni izifo ezifana ne-HIV.
Article
Ukwezinga lezemidlalo KUTHUTHUKISWA ezikoleni ezidonsa kanzima eMtubatuba, enyakatho yeKZN, kulehlisile izinga lokukhulelwa kwabafundi ezikoleni zakule ndawo.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Michael Bennish umgondisi wenhlangano yezempilo ezimele, iMpilonhle, ezinze eMtubatuba.
Izolo kule ndawo kuvakashe isihlabani sebhola uLucas “Rhoo” Radebe obezoqwashisa abafundi bakule ndawo ngemidlalo yeNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo kuleli.
UBennish uthe kumanje isibalo sikhomba ukuthi kubafundi abangu-10 000 bangu-15 nje kuphela abakhulelwayo, nokuyisibalo esiletha ithemba kuleya ndawo esahlaselwe ngububha nezinga eliphezulu labantu abangasebenzi.
Uthe ukugala kwabo umkhankaso wokuhambela izikole eminyakeni cishe emihlanu edlule kube nomthelela wokuthi isibalo sokukhulelwa kwabafundi nalabo abangenwa yigciwane lengculazi sehle kakhulu.
Ekhuluma nabezindaba uthe indawo yaseMtubatuba, ikakhulukazi esigodini saseDukuduku, ibinenqwaba yabantu abangasebenzi nokwenza babe baningi abafundi abadonsa kanzima.
“Ngenxa yalesi simo sihlangane nezinhlangano zamazwe aphesheya kanye nosaziwayo ukuze banikele kulezi zikole. U-Oprah Winfrey no-Charlize Theron bangabanye ababambe iqhaza ekuthuthukiseni izikole zaseMkhanyakude njengoba sebekhiphe ngisho imali yokuba kwakhiwe izinkundla zemidlalo,” kusho uBennish.
Uthe kumanje iqembu lebhola lase-England, iChelsea, likhiphe imali okuzokwakhiwa ngayo izinkundla eziyisithupha kule ndawo. UBennish uthe lezi zinkundla ngeke zisize izikole kuphela kodwa nomphakathi uzovunyelwa ukudlala kuzo kanti zizofakwa nogesi ozokwenza ukuba kudlaleke nasebusuku.
UNkk Dudu Kunene, ofundisa izingane ngezempilo ophuma kule nhlangano, uthe baningi nabafundi asebezibophezele ukuhlolela igciwane ngenxa yemikhankaso abayenza ezikoleni.